Izilwana kanye nemikhiqizo ezilwane angathunyewa ngaphandle kuphela uma zivela endaweni ukuphathwa kwayo okuhambelana namazinga abekiwe amazwe omhlaba, noma lapho imithetho yezwe elithumelayo ehambelanayo nalawo mazwe okuthunyelwa kuwo. Le ndawo ingaba ngeyokuhlabela nokuhlinzela izilwane emukelwe, indawo yesikhungo sokufakelwa kwezilwane amaqanda enzalo , isikhungo esiqoqayo , ipulazi, i-feedlot, ifektri yokuprosesa ukudla, indawo egina ukudla, nokunye.
Xhumana nomnakekeli wempilo yezilwane kahulumeni kusifundazwe oseduzane nawe ukwenza isicelo sokuhlola ngenhloso yokuthumela ngaphandle.
Umbiko wokuhlola uthunyelwa kuMnyango wezoLimo ukuze wamukelwe kanye nesizathu nesincomo sokugcina se-PSV.
Uma isicelo samukelwa, ifasilithi iyabhaliswa kanti ebese kukhishwa isitifikedi sobhaliso sokuthunyelwa kwezilwana ngaphandle.
Isikhathi esithathwayo ekuphethweni kwesicelo kuyahluka kusifundazwe ngesifundazwe.
Lokhu kuncike kwisifundazwe.
Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Xhumana nomnakekeli wempilo yezilwane kahulumeni kusifundazwe oseduzane nawe noma uMnyango wezoLimo.
